Udedeliwe owazama ukushushumbisa imali ngobhanana ejele

2017-08-11 16:02

Johannesburg - Idedelwe ngesexwayiso indoda eneminyaka engu-19 ubudala eyaphula umthetho weCorrectional Services Act 111 ka-2008, Section 118, 119 no-121.

Kulindeleke ukuba iphinde ivele enkantolo ngomhlaka-13 Septhemba eMpumalanga, kubika iBarberton Times.

Le ndoda kanye nabanye abantu abathathu, okubalwa kubo umfowabo, abadabuka eSecunda, baboshwa ngemuva kwezinsolo zokuzama ukushushumbisa imali engu-R600 ejele laseBarberton besebenzisa obhanana.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe abazame ukushushumbisa izidakamizwa ngeBhayibheli

Bonke kwadingeka ukuba bachithe impelasonto ejele. Bavela enkantolo ngoMsombuluko, icala labasolwa abathathu alizange libhalwe emabhukwini enkantolo, ngakho bangavela phambi kweMantshi uLucky Mhlanga. Kwavela umsolwa oyedwa ngecala lokuphambana nomthetho weCorrectional Services Act 111 of 2008, Section 118, 119 and 121.

UMhlanga udedelwe ngesexwayiso kanti kulindeleke ukuba avele enkantolo ngomhlaka-13 Septhemba.

Ngokusho kukaMesiah Hlungwani, okhulumela uMnyango wezokuHlunyuleliswa kweziMilo, kwaboshwa amadoda amane ngemuva kwezinsolo zokushushumbisa imali engu-R600 ejele laseBarberton.

Uthi abasolwa babevakashele isihlobo kuleli jele ngesikhathi kubonakala ubhasikidi owawunezithelo, obhanana nama-aphula. Lo bhasikidi owawuphathelwe isiboshwa, waseshwa ngojele ngesikhathi kutholakala imali kuwo eyayigxishwe kobhanana, ababesikwe kancane.

Le mali yayigxishwe kobhanana abathathu.

UHlungwani uthe umphakathi usuke waxwayiswa ngalokhu ngaphambilini, waxwayiswa nangokuthi labo abayotholwa beshushumbisa bazobhekana nengalo yomthetho.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 16-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 21-30°C Showers early. Decreasing cloudiness. Pleasantly warm.
Dbn: 20-28°C Afternoon clouds. Warm. PE: 16-19°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...