Udedeliwe owase-KZN owayeboshelwe ukudlwengula indodakazi

2016-03-14 16:00

Durban – Owesilisa waKwaZulu-Natal, owalahlwa yicala lokudlwengula indodakazi yakhe wagwetshwa iminyaka engu-15 esejele, usededelwe ngemuva kokuthi amajaji esole ukuthi waboshelwa ubala.

Le ndoda yabekwa icala lokudlwengula indodakazi yayo, 18, ngo-2009.

Yalahlwa yicala yase igwetshwa yiNkantolo yesiFunda yaKwaDukuza ngo-2013 kanti kusukela ngaleso sikhathi yayibhadle ejele.

Ummangalelwa wabe esenikezwa ithuba lokuphikisa isigwebo sakhe yiNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngoFebhuwari nonyaka.

OLUNYE UDABA: Ugcine ededeliwe ejele owaboshelwa ubala

Esinqumweni esisha, iJaji uRishi Seegobin noJani Piet Koen, bathola ukuthi indodakazi yale ndoda yaqamba amanga ngoba “ubufakazi bayo babungahlangani”.

Amajaji athola ukuthi isizathu sokuthi le ngane iqambele ubaba wayo amanga yingoba wahlukana nomama wayo wase eshada nomunye umuntu.

Kuthiwa ummangali nodadewabo babengamfuni nokumbona umama wabo omusha, behlezi betshela ubaba wabo ukuthi akabuyelane nomama wabo.

Thola udaba oluphelele kuThe Mercury.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...