Udedeliwe esitokisini owe-FeesMustFall

2017-09-22 19:30

Durban - Umholi wezitshudeni uBonginkosi Khanyile usededeliwe esitokisini (namuhla) ngoLwesihlanu ntambama ngemuva kokuvalelwa esitokisini amahora amaningi.

UKhanyile uboshwe namuhle ekuseni eDurban University of Technology (DUT) ngokungabibikho enkantolo izinsuku eziyishumi ezedleli. Ubhekene necala lokuqala udlame emphakathini elihlobene nendima ayidlala embhikishweni wangonyaka odlule we-FeesMustFall eDUT.

OLUNYE UDABA: Sibuyele enkantolo isishoshovu se-Fees Must Fall

Ngesikhathi uKhanyile evele kafushane eNkantolo yesiFunda eThekwini, uthe ubengemuhle kahle empilweni ngosuku angafikanga ngalo enkantolo, wabe esekhipha incwadi yakwadokotela yasemtholampilo.

Udedelwe esitokisini ngemibandlela eqinile yebheyili. UKahnyile kufanele avele kabili ngesonto esiteshini samaphoyisa aseBerea kuze kube liyahothulwa icala abhekene nalo.

 - TimesLIVE

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-18°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...