'UDe Lille waqamba amanga aluhlaza ngodala lokuqiniswa kwezokuphepha emzini wakhe'

2018-01-31 14:00

Cape Town – IMeya yaseKapa uPatricia de Lille yaqamba amanga aluhlaza ngesikhathi ithi umcwaningi mabhuku jikelele akatholanga lutho olungalungile ngokwenziwa ngesikhathi kuqiniswa ezokuphepha emzini wayo, yadukisa inhlangano, kusho umholi we-Democratic Alliance eWestern Cape uBonginkosi Madikizela ngoLwesithathu.

UDe Lille phambilini wamemezela ukuthi zonke izimali zasetshenziswa ngendlela efanele.

Nakuba kunjalo, ngoLwesithathu, uMadikizela ukhiphe isitatimende esithi waqamba amanga uDe Lille.

OLUNYE UDABA: I-DA ibhalele uSomlomo icela ukuba kuhlehliswe i-SONA

UMadikizela uthi u-AG wathola ukuthi kukhona okungaqondile ngalokhu kuqiniswa kwezokuphepha - nokusho ukuthi wayeqamba amanga aluhlaza uDe Lille.

"Akwamukelekile ukuba iMeya esasesikhundleni idukise inhlangano, ikakhulukazi nabantu baseKapa ngamabomu.”

NgoLwesithathu, i-DA iphinde yamemezela ukuthi isigungu sayo esiphezulu sesigunyaze ukuba kufakwe isiphakamiso sokungethenjwa kobuholi bukaDe Lille.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...