UDe Lille uphika izinsolo senkohlakalo anukwa ngazo yi-DA

2018-02-04 15:09

Cape Town – Imeya yaseKapa uPatricia de Lille iyaziphika izinsolo zakamuva asolwa ngazo yiDemocratic Alliance.

Lokhu kungemuva kwemibiko ethi uDe Lille wafuna ukugwazelwa ngusomabhizinisi waseVanderbijlpark ngo-R5 million ngo-2012.

Ngokombiko we-SABC, uDe Lille kuthiwa wayefuna ukugwazelwa ukuze ezosiza usomabhizinisi athole ‘ithenda’ yokuhlinzeka ngama-fire extinguisher emijondolo eyakhele nedolobha.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe owesilisa ngokubulawa kowesimame

"ISouth African Police Service (SAPS) ayikangazisi ngokusemthethweni ngamacala. Uma sengithwesiwe amacala, ngizosebenzisana namaphoyisa.

"Ngiyayiphika imibiko ngezinsolo engunukwa ngazo,” kusho uDe Lille ngeSonto.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C Scattered tstorms late. Morning clouds. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...