Udayise amabhodwe kanina efuna ukuthenga iwunga

2017-07-28 10:59

Ekurhuleni - ULerato Mahlaule, 43, uthi impilo yaqala ukuba nzima emndenini wakhe ngesikhathi indodana yakhe ingena ekubhemeni izidakamizwa.

Kuthiwa lo mfana uhlezi entshontsha izinto kubo azidayise ukuze athenge iwunga.

NgeSonto, lo mfana ushiye unina asosizini njengoba athathe wonke amabhodwe akhe kanokusho wawadayisa.

Lo mama ohlala eBuhle Park, eKurhuleni, uthi usesaba nokuthenga amanye amabhodwe ngoba indodana yakhe ingahle imphinde futhi.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe odayisa izidakamizwa edolobheni laseBrits

“Ngazama ukumfaka esikhungweni esisiza abantu abadla izidakamizwa kodwa bamjikisa bekhala ngokuthi abanazo izinsizakusebenza. Ngiyayithanda indodana yami, kodwa angazi ngingayisiza kanjani," kusho lo mama.

Okhulumela uMnyango wokuThuthukiswa koMphakathi, uThebe Mohatle, uthe bangakwazi ukumfaka kwesinye sezikhungo zalo Mnyango ukuze ahlunyeleliswe isimilo kodwa kumele ahlolwe kuqala, kubika iDaily Sun.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...