'Isikhulu sezebhola lezinyawo sangidlwengula'

2017-10-19 12:30

Johannesburg - UMengameli weSouth African Football Association (Safa), uDanny Jordaan, ezinsolweni zokudlwengula owayeyilungu le-ANC ePhalamende ophinde abengumculi, uJennifer Ferguson.

UFerguson udalulele umhlaba ukuthi uJordaan wamdlwengula ngo-1997, kubika iDaily Sun.

Ekhuluma kwi-Talk Radio 702 ohlelweni luka-Stephen Grootes, uFerguson uthe ufisa ukukhuthaza labo abadlule esimweni esifana nesakhe ukuba bakhulume, bangathuli.

Uthe ngemuva kokulandela umkhankaso i-#MeToo enkundleni yokuxhumana, ugqugquzelekile ukuba akhulume ngento adlula kuyona.

OLUNYE UDABA: Owayeyisoka 'unqume' owesifazane uqhoqhoqho washona

UFerguson uphinde wachaza ukuthi uJordaan wamdlwengulela ehhotela ngemuva kokumumemela egunjini lakhe ukuba bazophuza isiphuzo.

Uthi ngemuva kwesigameko, akakwazanga ukusibika ngenxa yokuthi waya kogeza wabe esehamba ngasolwandle.

"Wangehlula ngamandla, wangidlwengula kabuhlungu. Kungenzeka ukuba kwathatha amanenjana angu-20 kodwa kwakungathi kwenzeke impilo yami yonke. Waphuma wahamba ngokushesha ngaphandle kokusho lutho,” kusho uFerguson.

UFerguson uthi kungcono ukukhuluma ngokuhlukunyezwa kunokuthula.

Imizamo yokuthola uJordaan ayiphumelelanga.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...