UDanny Jordaan uyaziphika izinsolo zokudlwengula

2017-11-01 14:04

Johannesburg - Isikhulu se-SAFA uDanny Jordaan usekhulume okokuqala ngqa ngemuva kokusolwa yilowo owayeyiLungu lePhalamende le-ANC nongummculi uJennifer Ferguson ngokumdlwengula.

Esitatimendemendeni esikhishwe ngoLwesithathu, uJordaan uphikile ukuthi wadlwengula uFerguson ehhotela elisePort Elizabeth eminyakeni engu-24 eyedlule.

Ummeli kaJordaan uMamodupi Mohlala-Mulaudzi, ukhiphe lesi sitatimende esilandelayo:

"UNksz Ferguson usola uDkt Jordaan ngokumdlwengula eminyakeni engu-24 eyedlule. UDkt Jordaan uyaphika ukuthi wadlwengula uNksz uFerguson.

OLUNYE UDABA: UDanny Jordaan uzokwamukela ukuqulwa kwecala ngezinsolo zokudlwengula - Ummeli

"Njengoba kudlange izigameko zodlame ezibhekiswe ebulilini obuthile kanye nomuzwa uDkt Jordaan anawo ngalezo zigameko, bekumele ayicabangisise kahle impendulo yakhe, uma ikhona, azoyikhiphela umphakathi mayelana nezinsolo azibekwa nguFerguson.

"Ukuthula kukaDkt Jordaan kulandela ukuvela kwalezi zinsolo kungenxa yokuthi uyazwelana kakhulu nabantu abayizisulu zodlame olubhekiswe kwabobulili obuthile. UDkt Jordaan ngemuva kokudla amathambo engqondo, ukhethe ukuphumela obala asho ukuthi umsulwa.

"Yize uDkt Jordaan eyikhuthaza inkulumompikiswano mayelana nalezi zigameko, kulolu daba kunezinhlangothi ezimbili ezingeke zikhishwe kwabezindaba.

"Ukuxoxisana ngasese njengokusho kukaFerguson kuyoveza isithombe sokuthi kukhona okufihlwayo. Ngakho, njengabameli bakhe siyalele uDkt Jordaan ukuba angaqophisani ngamazwi esidlangalaleni noFerguson, konke siyokuqedela enkantolo."


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...