UDalindyebo kuzomele awubuyise umholo kaFebhuwari

2016-03-02 18:30

Johannesburg – Uhulumeni wase-Eastern Cape usunxenxe ukuthi iNkosi yabaThembu, uBuyelekhaya Dalindyebo, ukuba abuyise umholo wakhe kaFebhuwari obalelwa ku-R100 000.

UDalindyebo uholelwe umholo kaFebhuwari njengoba ibingakaphothulwa eyokuthi kunqanyulwe iholo lakhe njengoba esejele, kusho okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMamnkeli Ngam, ngoLwesithathu.

“Ngenxa yokuthi besingafuni kube sengathi siyenzelela, sinqume ukumholela umholo kaFebhuwari,” kusho uNgam etshela iNews24.

OLUNYE UDABA: Usebuyele ejele uDalindyebo - Umbiko

Uthi uMnyango wawungenalo igunya lokugodla umholo kaDalindyebo ngoba babengakaqedi ukuxoxisana naye.

UNgam uthe uDalindyebo ubehola u-R1.2m ngonyaka kanti wanikezwa nemoto entsha ceke iJeep Grand Cherokee ebiza u-R500 000.

Imoto kwakuyisipho sakhe sangonyaka odlule ngomsebenzi omuhle awenza.

Le moto yabe isithathwa ngesikhathi eboshwa, yagcinwa endaweni ephephile.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...