Udado usolwa 'ngokunukubeza ngokocansi' omunye enkulisa

2017-09-08 07:00

Johannesburg - UMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, eGauteng, uphenya isigameko sengane eneminyaka emine ubudala esolwa ngokunukubeza ngokocansi enye ingane eneminyaka emithathu ubudala enkulisa eMabopane, kubika iPretoria Rekord North.

"Udaba sisaluphenya futhi sisahlola," kusho uMbangwa Xaba okhulumela uMnyango.

UXaba uthe umonakalo ochazwe ngumama wengane yentombazane, 3, awukholakali ukuthi ungenziwa yingane eneminyaka emine ubudala.

OLUNYE UDABA:Ishile ingane edonse iketela elinamanzi abilayo enkulisa

"Akukholakali ngezizathu ezimbili; ingane eneminyaka emine ubudala ayikwazi ukwenza ucansi futhi itotolozi layo alikwazi ukudala lo monakalo ochaziwe," kusho uXaba.

UXaba ukuqinisekisile ukuthi uMnyango uzolubhekisisa lolu daba.

"UMnyango ukhathazeke kakhulu ngalolu daba," usho njalo.

Uqhube ngokuthi osonhlalakahle sebethunyelwe emakhaya alezi zingane zombili beyophenya.

"Zombili izingane zizokwelulekwa ziphinde zihlolwe nendlela eziziphatha ngayo," kusho uXaba.

UXaba udalule ukuthi le nkulisa ayibhalisiwe ngendlela efanelekile eMnyangweni.

Umama wengane, uthe ubone indodakazi yakhe isezinhlungwini, ingakwazi ukuhamba kahle ngesikhathi eyoyilanda enkulisa.

"Ubentekenteke futhi eshisa, ngazama ukumteta kodwa wakhala kakhulu futhi ehluleka ukuvula imilenze. Ngivele ngashaywa wuvalo ngase ngiya emtholampilo," esho.

Uthe kuqinisekisiwe abenovalo ngakho ngesikhathi onesi beyihlola indodakazi yakhe bamutshela ukuthi inukubezwe ngokocansi.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...