Udabule amafu obhunyele intombi ngomchamo

2017-03-07 19:38

Johannesburg - Owesifazane wadinwa wagana unwabu ngemuva kokubhunyelwa ngomchamo elele, wagwaza ephindelela isoka lakhe kulandela lesi sigameko.

Isigameko senzeka eVenterspost eduzane naseWestonaria entshonalanga yeGoli ngeSonto.

Izihlobo zomsolwa ziathi zisashaqekile namanje ngokwenzekile.

OLUNYE UDABA: Yabaleka ekhaya ingane eyayiphuziswa umchamo wayo ngenkani

Izihlobo zomsolwa zithi umsolwa wafika endlini enuka phu umchamo, eqhaqhazela, ekhihla isililo futhi ebukeka esaba. Ethi ugwaze isoka lakhe.

Izihlobo zithi waphuthuma endaweni yesigameko wafica isoka lakhe lidindilize embhedeni.

Umastende wathi isisulu nomsolwa besebehlale kwakhe iminyaka eyisikhombisa.

"Angazi ukuthi isisulu besingesakwabani isibongo kodwa ngiyazi ukuthi sisuka eNorth West."

Umholi womphakathi uCecilia Motaung, 49, uthe: "Ngemuva kwalesi sigameko sizokhuluma namaphoyisa mayelana nokutshalwa kwamaphoyisa endaweni azoqapha indawo. Sicela ukuba amaphoyisa aseWestonaria athumele iveni yawo."

Owamaphoyisa uCommander Selvan Moonsamy uthe: "Umsolwa useboshiwe ngemuva kokuzisholo ngowakhe ukuthi ugwaze owesilisa. Ubekwe icala lokubulala kanti bekulindeleke ukuba avele namhla enkantolo."

 - Daily Sun

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-28°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-25°C Drizzle. Morning clouds. Warm. Bloem: 10-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Rain showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 15-22°C Scattered showers. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...