UDABA OLUPHELELE: Amabhasi i-Translux, City to City asebuyele emgwaqeni

2017-04-14 12:37

Cape Town – Inkampani i-Autopax, okuyiyona elawula amabhasi i-Translux kanye ne-City to City, ikuqinisekisile ukusayinwa kwesivumelwano samaholo ngoLwesihlanu.

Yize aseqalile ukusebenza lawa mabhasi, kusanezinkinga ezimbalwa ngemizila ethile.

Okhulumela i-Autopax uRanti Mahlabana  uthe babe nezingxoxo nezinyunyana i-National Union of Metal Workers of South Africa (Numsa) kanye ne-South African Transport and Allied Workers Union (Satawu) okuyizona ebezimele abasebenzi kwavunyelwango ngokukhushulwa kweholo lngo-8.5%.

Abaphathi babasebenzi bamatasa ngokuxhumana nabasebenzi ukuze babazise ngalezi zinguquko ezenzeke ngoLwesine ebusuku, kodwa umsebenzi uzobuyela esimweni esijwayelekile.

OLUNYE UDABA:Izinkampani zamabhasi kumele zibuyisele abantu izimali zabo - Cosatu

Kuthiwa i-Autopax ayiyina ingxenye kasoseshini ongaphansi komkhandlu odingida amaholo yaziswe ngoLwesibili ngalesi siteleka.

Okhulumela iNumsa uPhakamile Hlubi uthe abakasisayini isivumelwano ngoba bona badingida izingxoxo nezinkampani ezingaphansi kwalo mkhandlu kuphela.

UHlubi uthe le nyunyana izohlangana noNgqongqoshe woMnyango wabaSebenzi uMildred Oliphant ngoLwesihlanu ukudingida ezinye izinkinga zabasebenzi.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Morning clouds. Cool. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 11-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...