Udaba lomhlaba luyisilonda esingapholi kubantu - Buthelezi

2018-02-19 14:01

Cape Town - Umholi weNkatha Freedom Party, iNkosi uMangosuthu Buthelezi, uqale ngokuhalalisela uMengameli omusha wezwe uCyril Ramaphosa ngesikhathi kuqhubeka inkulumompikiswano ePhalamende.

"Ngithanda ukuthatha leli thuba ngibongele umengameli ngokuqokelwa kulesi sikhundla ngethemba lokuthi kunoguquko oluzayo nolungase luqale lwelaphe izilonda ezidaleke kule minyaka eyisishiyagalombili eyedlule," esho.

Uthe uMengameli ubanikeze ithemba lokuthi kukhulu okuzayo, wacacisa nangemigudu azoyithatha ukuqinisekisa lokhu ngendlela ezoqondwa yiwo wonke umuntu.

"Sithanda ukubonga nangenkulumo yakho ebhekiswe esizweni, ngayo sikunikeza u-10/10," esho.

OLUNYE UDABA: UMalema uthi i-EFF izimisele ngokunikeza uRamaphosa ithuba

Uthe uyakwamukela ukuqokwa kukaRamaphosa njengoba iNingizimu Afrika idinga isiqiniseko sokuthi izinto zizolunga, kulesi sikhathi esinzima.

UMntwana wakwaPhindangene uthi sesiside isikhathi uhulumeni engayinaki indaba yenkohlakalo nokungalingani.

Uqhube ngokuthi inselelo enkulu kunazo zonke ebhekane noRamaphosa wudaba lomhlaba. "Abantu banesilonda esingapholi. Ngeke sikwazi ukubhekana nodaba lokungalingani uma sisahluleka wukubhekana nolomhlaba."

Uthe lesi silonda ngeke siphole kuze kube kuxazululwa udaba lomhlaba.

Uphinde wazwakalisa ukuthi inkohlakalo ayigcini nje kuphela ngokudla imali, kepha nokuhlukumeza amandla nakho kuyingxenye yenkohlakalo.

"Ngithanda ukukutshela ukuthi kuyenzeka ukuthi uhole uhulumeni ongenachashazi, njengoba mina ngenza ngesikhathi ngiphethe iKwaZulu-Natal iminyaka engu-19."

UMntwana uphethe ngokuthi njengabo bonke abantu baseNingizimu Afrika, naye unethemba lokuthi izinto zizoshintsha.

"Siyethemba ukuthi neminyango eyayivalekile kusaphethe uJacob Zuma, izovuleka manje."

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...