Ucwaningo luveza ukuthi amadoda yiwo akhathaza kakhulu amakhosikazi

2017-12-20 16:01

Durban - Kuhlezi kunehlaya lokuthi omama baye babone abayeni babo njengezingane ngendlela ababakhathaza ngayo.

Ucwaningo olwenziwe lutshengisa ukuthi iningi labantu besifazane livumelana ngokuthi amadoda ayafana nezingane futhi yiwona akhathaza kakhulu ukudlula izingane.

U-46% wabesifazane abangu-7 000 ababambe iqhaza kulolu cwaningo uthi ubhekana nezinkinga zamadoda kakhulu ukudlula ezezingane.

“Ingane ena-7 ubudala izohlezi iziphethe njengengane ena-7, kodwa indoda eneminyaka engu-35 ubudala ivele iziphathisa okwengane nokuyinto ekhathaza kakhulu ngoba lowo muntu kumele engabe wazi futhi wenza kangcono,” kusho uDeno Fleno, ongumama.

Abantu besifazane bakhala ngokuthi abasakwazi ukwenza izinto abazithandayo ngoba kumele banakekele "lezi zingane" abaziganile kanti lokhu kuyabakhathaza.

OLUNYE UDABA:Amadoda akuleli awalutholi ucansi - Ucwaningo

“Ngihlezi ngikhathele ngokomoya nangokwenyama uma ngifika ekhaya. Ukunakekela umyeni wami kungenza ngizizwe sengathi ngenza omunye umsebenzini ngaphezulu,” kusho lo wesifazane.

Okukhathaza kakhulu wukuhlukanisa imisebenzi yasendlini, njengoba bengu-75% abesifazane abathi basebenza kakhulu emakhaya amadoda engabasizi ngisho nangezingane.

Ngesikhathi abeTODAY benza lolu cwaningo, baxhumana nobaba abathi bangathanda ukukhuthazwa ngokuthi babongwe uma benze kahle emisebenzini yasekhaya.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...