Ucwaningo: Isizathu esenza abantu besilisa bathenge ucansi kubaqwayizi

2017-04-20 19:31

Cape Town - Ucwaningo luveza ukuthi nakuba bebaningi abantu besilisa abalala nabaqwayizi, iningi labo alithokozi ngalokhu.

Ngokocwaningo lwe-website yabantu abaphingayo, iVictoria Milan, bangu-47.3% abantu besilisa umhlaba wonke abalala nabaqwayizi, kanti bangu-23.3% kulabo asebekwenza cishe njalo – okungenani kanye ngesonto.

Kubalulekile kodwa ukubalula lapha ukuthi lokhu kuncike ocwaningweni olwenziwe kubantu besilisa abangamalungu ale-website.

Izibalo zocwaningo, olwenziwe kubantu besilisa abangu-6 097 abangamalungu ale-website, ziveza ukuthi u-35% wabantu besilisa abalala nabaqwayizi abajabuli ngalokhu, kodwa bakwenziswa yizimo ezisuke zibaphoqa ngaleso sikhathi.

OLUNYE UDABA: Izizathu ezenze uBonang wavala abantu kuTwitter

Isizathu esikhulu sokuba abantu besilisa bathenge ucansi kubaqwayizi ukungabikho komaqondana – okungu-41% wabo - kanti u-36.% walabo ulala nabaqwayizi ngoba usuke ungagculisekile ngocansi abalwenza nomaqondana babo bangempela noma besikhathi eside.

Ngokwamanani, iVictoria Milan ithi abantu besilisa bakhokha imali elinganisekwa ku-€50 - €200 (R710-R2840) noma elinganiselwa ku- €2 000 (R28 398) ngonyaka kubaqwayizi, kuya ngokuthi uhlala kuphi nezwe.

Ngokwezibalo zeHavocscope, amanani okuthengwa ngawo abaqwayizi eNdiya aqala ku-$1 (R13) kubantu asebebadala kulo mkhakha kuye kufinyelele ku-$1 000 (R13 000) kulabo abangamatshitshi [okuyizingane ezincane].

ENingizimu Afrika iThe Citizen ike yabika ukuthi eGoli abaqwayizi benza phakathi kuka-R3 000 no-R4 000 ngenyanga, kanti bamkhokhisa u-R100 umuntu olala nabo kanye.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild. Pta: 4-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...