UChicco Twala uthi uMbalula uzitshela ukuthi unguMadonna

2018-02-12 16:00

Johannesburg - Inkakha yomculo uChicco Twala ihlasele uNgqongqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula ngendlela aluphethe ngalo uphenyo lokubulawa kwaloyo owayengunoziti weBafana Bafana uSenzo Meyiwa, ethi uthanda ukubukwa futhi akawumsebenzi walutho.

UTwala ekhuluma kwiTshisaLive, ugxeke uMbalula wathi ungqongqoshe namanje akakenzi lutho ukuthola isisombululo ecaleni lokubulawa kwaSenzo Meyiwa.

"Ngifuna leli cala alenze libesemqoka. Ngifuna akhulume ayeke ukuthula. Uhlezi ekhuluma ngokuqhubeka enkundleni yezokuxhumana iTwitter kodwa akakhulumi ngokusemqoka. Sekuphele iminyaka emine kodwa namanje akukatholakali lutho.Yingakho ngithi akawumsebenzi walutho." 

OLUNYE UDABA:Ukube yindodana yami eyadubula uSenzo ngangizoyibophisa - Chicco Twala

Okhulumela uMbalulo, uVuyo Mhanga, uthe ungqongqoshe angeke aze elokhu ephikisana noTwala ngecala kodwa ukugcizelele ukuthi basebenza kanzima kulolu phenyo.

Yize kunjalo, uTwala uthe uMbalula ubalekela umsebenzi wakhe futhi akenzi ngendlela akholwa wukuthi isikhulu sikahulumeni kufanele senze ngayo.

"Sengimshayele ucingo izikhawu eziningi ngaze ngamuthumelela nemiqhafazo enkundleni yezokuxhumana i-WhatsApp, kodwa uyangiziba.

"Ungumuntu osebenzela umphakathi! Akakwazi ukuziphathisa okwasaziwayo, ucabanga ukuthi unguMadonna. Akawumsebenzi walutho.

"Indlela aziphatha ngayo ayimfanele umuntu osebenzela izwe. Bafuna ukuba osaziwayo. Izinto abazigijimelayo imicimbi. Abanendaba nathi."

Indodana kaChicco, uLongwe ingomunye wabantu ababesendlini ngesikhathi kubulawa uSenzo Meyiwa esigamekweni okusolwa ukuthi 'ngesokuphanga'.

UChicco uthe uNgqongqoshe kufanele abophe bonke abantu ababesendlini ngosuku lwesigameko, kubalwa nendodana yakhe ukuze bezophekwa ngemibuzo.

 - TimesLive

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. Partly sunny. Warm.
Jhb: 19-26°C Scattered showers. Partly sunny. Warm. Bloem: 18-30°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Dbn: 22-25°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 18-24°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...