Ucansi olwenziwa emangcwabeni lungena ephaketheni lwabakhokhi bentela

2018-04-19 14:00

Kokstad - Ukuqhuma kocansi udede emangcwabeni aphakathi kwelokishi laseKokstad iBhongweni nelaseHorseshoe kuzodla imali yomkhandlu wakuleya ndawo imali ebalelwa ku-R 1.8 million ebekwe eceleni ngenhloso yokuthi kubiyelwe la mangcwaba. 

Umkhandlu kaMasipala iGreater Kokstad, eningizimu yesifundazwe iKwaZulu-Natal, uthathe lesi sinqumo emuva kwezikhalazo zezakhamuzi ezakhelene nala mangcwaba - zokuthi azilali umsindo ozwakala sengathi abantu abenza ucansi kodwa futhi omunye umsindo uzwakala kabuhlungu sengathi kunabantu besifazane abashaywayo. 

Yinto engafihliwe ukuthi lawaya mangcwaba asephenduke isizinda sobugebengu njengoba kulokhu kunemibiko yokudlwengulwa kwabesifazane kuwona, abanye babanjwa inkunzi kanti abanye batholakala begwaziwe futhi sebeshonile. 

OLUNYE UDABA:Umkhandlu wonga imali ngokuvala izibiliboco emingcwabeni

Kumanje umkhandlu wakuleya ndawo usubeke eceleni imali engango-R 1.8 million yokubiya lawa mangcwaba ngenxa yezikhalazo zabantu abakhelene nawo abathi ngesinye isikhathi izigebengu zicuthela abantu abanqamula ngakhona emangcwabeni zibajahe zize ziyobangenisa emizini yabo. 

Abakhulume neZindaba24 abakhele ngala mangcwaba bathi lezi zigameko zenzeka kakhulu ngezimpelasonto. 

"Kubanjwa inkunzi laphaya, ngesinye isikhathi kutholakale abantu begwaziwe kanti abanye bayenza indawo yokuzithokozisa ngokocansi," kusho umthombo ongathandanga ukudalulwa ngoba uthi usabela impilo yawo. 

IMeya yaseKokstad uMnu Bheki Mtolo ukufakazelile ukuthi ngempela zikhona izikhalo nezigameko ezibikwayo ukuthi zenzeka kulawa mangcwaba yingakho bethathe isinqumo sokuthi bawabiyele. 

Okhulumela amaphoyisa aseKokstad uCaptain Dumisani Ncongo, uthe nabo bengamaphoyisa yindawo abalokhu beyiqaphile leya ngenxa yezigameko ezibikwayo ngayo kodwa bayajabula-ke manje njengoba isizobiyelwa futhi banethemba lokuthi izigameko zobugebengu zizokwehla.  

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Sprinkles early. Partly cloudy. Cool. Pta: 10-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...