Ubuyele enkantolo 'umfundisi we-Doom'

2017-12-12 11:01

Johannesburg - Ukuqulwa kwecala lomphrofethi osolwa ngokufuthaabazalwane ngomuthi wokubulala izinambuzane, iDoom kulindeleke ukuba kuqhubeke namuhla (ngoLwesibili) eNkantolo yeMantshi yaseNaboomspruit eLimpopo.

ULethebo Rabalago webandla iMount Zion General Assembly ubhekene necala lokulimaza.

Ekuqulweni kwecala lalo mfundisi kuqalekwethulaubufakazi omele inkampani ekhiqiza iDoom, iTigerbrands.

OLUNYE UDABA:Inkantolo isivale umfundisi ofutha abazalwane ngeDoom

Inkantolo iphinde yalalela ubufakazi baloyo omele uMnyango wezoLimo eLimpopo, uCatherine Mabitsela owabeka uRabalogo amacala.

URabalogo waphenduka undabuzkwayo ngonyaka ophelile ngesikhathi efutha amalungu ebandla lakhe ngeDoom.

Wathi lo muthi uzokwelapha abazalwane.

Kulindeleke ukuba nodokotela bethule ubufakazi kuleli cala..

Ukuqulwa kwecala kuqale ngoMsombuluko.

 - SABC

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Rain. More clouds than sun. Cool. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-19°C Sunny. Mild. Bloem: 3-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...