Ubuyele ekhaya esemithi wathola ne-HIV obethunjiwe

2017-09-07 15:59

Johannesburg - Ikhulelwe yaphinde yangenwa yisandulela ngculazi intombazane eyathwalwa yaphoqwa ukuba ishade nowesilisa.

Intombazane eneminyaka engu-17 ubudala yaseClarkebury, eNgcobo, ngaseMthatha, yayihlala nogogo wayo oneminyaka engu-65 ubudala ngesikhathi ithunjwa ezinyangeni ezintathu ezedlule.

Ugogo utshele iDaily Sun ukuthi: “Ayizange ibuye esikoleni ngelinye ilanga, ngoJuni. Ngabe sengiyifonela. Yilapho-ke engathola khona ukuthi ikwesinye isigodi esikude.

“Ngesikhathi ngifonela umndeni eyayikuwona, ucingo lwabanjwa yingane eyangitshela ukuthi umzukulu wami usegane umfowabo. Ngakusasa ekuseni umalume wakhe nami sanikela amaphoyiseni.”

Ngemva kophenyo, amaphoyisa awuthola lo mndeni. Ngesikhathi efika endlini, umfana ongumsolwa waphuma wabaleka.

Intombazane yabe isitshela ugogo wayo namaphoyisa ukuthi yadlwengulwa. Ithi udadewabo womfana wayefunda esikoleni esisendaweni futhi nguyena owayicela ukuba ifike kubo izovakasha.

Ugogo uthe ngemuva kokuhlengwa komzukulu wakhe, wafonela umfana.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa owesifazane kugqekezwa endlini

“Ngesikhathi ngimbuza ocingweni ukuthi walala yini nengane, wathi wayelala nayo njalo ngaphandle kwekhondomu,” kusho ugogo.

Ngemuva kwalokho, intombazane yaqala ukuzwa izinhlungu, iphalaza, ugogo wayihambisa emtholampilo.

Onesi bayihlola igazi bathola ukuthi intombazane ikhulelwe futhi ine-HIV.

ULieutenant-Colonel Mzukisi Fatyela uthe sekukhishwe incwadi egunyaza ukuboshwa kukamsolwa nodadewabo.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...