Ubuyela enkantolo ‘umfundisi weDoom’

2017-03-20 09:31

Polokwane – Umfundisi owasusa omkhulu umsindo kuleli ngokufutha abazalwane bakhe ngomuthi obulala izinambuzane, iDoom, uLethebo Rabalago, kulindeleke ukuba avele eNkantolo eNkulu yaseLimpompo ngoMsombuluko.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo eLimpompo,  uDerrick Kganyago, ngaphambilini wathi uMnyango unikezwe yile nkantolo isivimbelo sokuthi uRabalago angabe esabafutha abazalwane basebandleni lakhe ngeDoom.

OLUNYE UDABA: 'UNkulunkulu owangiyalela i-Doom'

Lo mfundisi webandla iMount Zion General Assembly wasusa omkhulu umsindo kuleli kulandela ukusabalala kwemifanekiso lapho ebonakala khona efutha abazwalwane ngeDoom ebusweni, wathi ukubafutha ngayo kuzobelapha.

UKganyago wathi uthi uMnyango wawufuna ukuthi uKganyago aqale ahlolwe ingqondo.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Uyile emsebenzini uNtlemeza - Ummeli

Emizuzwini eyi-12 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-23°C Sunny. Mild. Pta: 13-21°C Mostly cloudy. Mild.
Jhb: 9-18°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Passing showers. Afternoon clouds. Cool. PE: 15-21°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...