Ubuyela enkantolo uMduduzi Manana

2017-11-13 07:00

Johannesburg - Lowo owayeyiSeleka likaNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme uMduduzi Manana kulindeleke ukuba alalele isigwebo sakhe namuhla (ngoMsombuluko) eNkantolo yeMantshi yaseRandburg ngokuhlasela abesifazane.

UManana walahlwa amacala amathathu okushaya ngemuva kokuwavuma ngoSepthemba.

Iziphakamisa zokugcina zilalelwe enkantolo ngesikhathi egcina ukuvela.

OLUNYE UDABA:Abanye babafundi babuthane enkantolo beyokweseka uManana

Amacala abhekene noManana ahlobene nokuhlasela abesifazane abathathu eCubana eFourways  ngomhlaka-6 ku-Agasti.

Lokhu kuza ngemuva kokuba omunye walaba besifazane amubiza ngesitabane okuyintyo eyacanula uManana wabe esebangenela ngesibhakela.

Kwasabalala ivideo yesigameko ezinkundleni zokuxhumana kwasuka omkhulu umsindo.



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...