Ubuyela enkantolo uManana ngecala lokushaya

2017-09-13 09:32

Johannesburg – Lowo owayeyiphini likangqongqoshe wemfundo ephakeme uMduduzi Manana kulindeleke abuyele eNkantolo kaMantshi eRandburg ngoLwesithathu ngamacala okushaya.

UManana ubhekene namacala okushaya ngenhloso yokulizama kulandela ukushaya abesifazane ababili endaweni yobumnandi eFourways, eGoli, ngo-Agasti.

UManana wasivuma isigameko kodwa waqale wathi wayesukeliwe.

Isigameko saqoshwa kwi-video ngaphambi kokuba isatshalaliswe ezinkundleni zokuxhumana.

OLUNYE UDABA: 'Intombi kaRamaphosa' ifake isicelo sokungashicilelwa kwezithombe

UManana wesula esikhundleni sakhe ngemuva kwengcindezi ayeyithola kwi-ANC nakwezinye izinhlangano, kodwa namanje usayilungu le-ANC ePhalamende.

Ngesikhathi evele enkantolo phambilini wadedelwa ngebheyili ka-R5 000.

I-DA ithe izobhikisha ngaphandle kwenkantolo.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

ISilo sixwayise uRamaphosa

2018-01-21 10:29
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C More sun than clouds. Mild. Pta: 20-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-27°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 20-26°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C High level clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...