Ubuyela enkantolo umama ngecala 'lokuthunjwa' kwengane

2017-03-15 07:30

Durban – USibongile Mbambo kanye nesoka lakhe uPhumlani Mbokazi abasolwa ngokuqamba amanga ngokuthunjwa kwendodakazi ‘yabo’ enenyanga izelwe, kulindeleke babuyele eNkantolo kaMantshi eThekwini ngoLwesithathu.

Amaphoyisa akholelwa ukuthi uMbambo noMbokazi baqamba amanga ngokudunwa kwemoto eyayinengane phakathi ngoLwesihlanu olwedlule.

NgoMsombuluko uMantshi Mahomed Motala ulihlehlisele uLwesithathu icala ukuze kwenziwe ulibofuzo, khona kuzotholakala ukuthi ingane eyesoka noma ngeyomyeni kaMbambo.

Ummeli kaMbokazi u-Andile Dakela watshela izintatheli ngaphandle kwenkantolo ukuthi ikhasimende lakhe belithandana noMbambo futhi banengane ndawonye.

OLUNYE UDABA: Ubuyela enkantolo osolwa ngokubhunyela isoka ngekhemikhali

"Ikhasimende lami lithi impilo yengane yayisengozini, nokuyinto eyabaphoqa ukuba benze okuthile ngokushesha.

UDakela waveza ukuthi uma kutholakala ukuthi uMbokazi unguyise wengane, icala lizochithwa. Uthe akaboni ukuthi uMbokazi angathweswa icala lokudunwa kwemoto.

Inkantolo yayalela uMbambo noMbokazi ukuba bagcinwe esitokisini kuze kube bayavela futhi ngoLwesithathu.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 12-18°C Broken clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...