Ubuyela enkantolo ubaba osolwa ngokubulala umkakhe

2017-03-14 07:49

Cape Town – Owesilisa osolwa ngokugwaza abulale umkakhe kulindeleke abuyele eNkantolo kaMantshi eWynberg ezofaka isicelo sebheyili ngoLwesibili.

UMzuvukile Poni, 36, watshele uMantshi Goolam Bowa ngesikhathi egcina ukuvela enkantolo ngoFebhuaru 14 ukuthi uzimisele ngokuliuvuma icala lokugwaza uVuyiseka Poni ngoJanuwary 2.

Kuthiwa uVuyiseka waphuma endlini ebaleka ejahwa uPoni, ngaphambi kokuba amgwazele endlini kamngani wakhe ephindelela.

UPoni wadalula ukuthi uzimisele ngokulivuma icala, ngezizathu ezithile, angeke angene kakhulu kuzona.

OLUNYE UDABA: Abazali bahlasele othisha bebasola ngokuvilapha

Wabuye waveza nokuthi yena akaze atshelwe ukuthi umkakhe wabulawa ukugwazwa futhi akakhumbuli ukuthi wamgwaza amanxeba amangaki.

Watshela inkantolo ukuthi yena nomkakhe banezingane ezintathu, okumanje zinakekelwa ngumama wakhe. Ingane yesine wayithola komunye umama.

Uthi enye yamadodakazi akhe yafakelwa isibindi kanti selokhu aboshwa isimo sayo sempilo asisihle neze.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Mild. Bloem: -3-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-20°C Sunny. Cool. PE: 11-18°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...