Ubuyela enkantolo u-Oscar Pistorius ngolwesigwebo sakhe

2017-11-24 08:11

Bloemfontein – Lowo owayengumsubathi wakuleli u-Oscar Pistorius owalahlwa yicala lokubulala intombi yakhe uReeva Steenkamp ngo-2013 kulindeleke ukuba namuhla (ngoLwesihlanu) eyolalela ukuba isigwebo sakhe siyalulwa noma cha.

INkantolo eNkulu yokudluliswa kwamacala eBloemfontein isikulungele ukukhipha isinqumo ngesicelo soMbuso sokuphikisa isigwebo saPistorius.

OLUNYE UDABA:UPistorius ungeniswe kwelinye ijele njengokwesicelo sakhe

UPistorius wagwetshwa iminyaka eyisithupha ebhadle ejele eTshwane ngokubulala intombi yakhe ngosuku lwezithandani iValentines Day ngo-2013.

UMbuso ukhala ngokuthi sincane lesi sigwebo.

Wathi wadubula uSteenkamp ngephutha ezitshela ukuthi isigebengu.

IJaji uThokozile Masipa wabe esemugweba eNkantolo eNkulu eGauteng ePitoli.



- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Mostly sunny. Cool. Pta: 18-29°C Sunny. Warm.
Jhb: 16-26°C Mostly sunny. Warm. Bloem: 12-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 16-22°C Passing showers. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...