Ubuyela enkantolo u-Arthur Mafokate

2017-11-30 09:33

Johannesburg - Icala lokushaya elibhekene nesihlabani somculo weKwaito u-Arthur Mafokate kulindeleke ukuba libuyele eNkantolo yeMantshi yaseMidrand namuhla (ngoLwesine).

UMafokate usolwa ngokuhlukumeza uBusisiwe "Cici" Thwala obeyintombi yakhe.

Isigameko uMafokate asolwa ngaso senzeka ngoJuni, uThwala wangeniswa esibhedlela eyohlinzwa.

OLUNYE UDABA:Angase engezwe amacala abekwe u-Arthur Mafokate

UThwala wavulela uMafokate icala ngoJuni, ethi wamhudula emgwaqeni ngemoto yakhe.

Lo mculi, uCici wawaphika amacala okushaya awabekwe nguMafokate.

Lesi sihlabani seKwaito sifuna kuxoxiswane ngaphandle kwenkantolo kodwa uCici yena ufuna icala liqulwe enkantolo.

Inkantolo kulindeleke ukuba ilalele isinqumo se-National Prosecuting Authority (NPA) namuhla.


 - eNCA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...