Ubuyela enkantolo owesilisa osolwa ngelokubulala umkakhe

2018-03-09 18:00

eKapa -  Izithombe zikaRob Packham ngeke zishicilelwe ngoba ibingakenziwa inqubo yokukhonjwa komsolwa, lokhu kuvezwe yiNkantolo kaMantshi eWynberg ngoLwesihlanu.

"Ubuso bomsolwa kakumele bushicilelwe ngabezindaba kuze kube wukuthi uMbuso uyaqeda ngophenyo," kusho iMantshi uGoolam Bawa.

Lokhu kuza ngemuva kokuba abamaphephandaba befake isicelo sokuqopha ukuqulwa kwaleli cala.

UBawa usivumile isicelo, kodwa wathi ubuso bukaPackham kumele bufihlwe nasezithombeni esezithathwe ngabathwebuli bungaveli.

OLUNYE UDABA:Uzovela obhekene nelokubulala wesimame owatholakala ebhuthini

UPackham, 57, usolwa ngokubulala umkakhe uGill kanye nokuphula umthetho kanjalo nokufihla ubufakazi mayelana nokubulawa kukankosikazi wakhe kulandela ukulahleka kwakhe ngomhlaka-22 Febhuwari 2018.

Isidumbu sikaGill Packham satholakala ebhuthini yemoto yakhe eyayishile esiteshini sesitimela eDiep River emasontwnei amabili adlule.

Kwadingeka ukuba kuhlolwe ulibofuzo ukuze kuqinisekiswa ukuthi nguyena ngempela na uGill otholakale ebhuthini lemoto yakhe.

Umyeni wakhe ongumphathi omkhulu enkampanini ekhiqiza isiphuzo iTwizza waboshwa ngomhlaka-27 Febhuwari nokungusuku lapho okwatholakala khona isidumbu somkakhe.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...