Ubuyela enkantolo 'owabulala ingane wayifaka e-toilet edinwe yisoka'

2017-10-03 09:35

Durban – Owesifazane oneminyaka engu-21 ubudala waKwaZulu-Natal owaklinya wabulala ingane yakhe enezinyanga ezingu-11 izelwe wayifaka emgodini wethoyilethi uzophinde avele eNkantolo kaMantshi yaKwaMaphumulo ngoLwesibili.

UNomfundo Thobekile Khanyile uvele okokuqala enkantolo ngomhlaka 27 Septhemba ngemuva kokuboshwa ekubo kwaNtombiyehlulunina, KwaMaphumulo, enyakatho yeTheku.

UKhanyile waqala watshela umndeni wakhe ukuthi ingane yakhe yomfana ilahlekile, kusho okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbhele.

OLUNYE UDABA: Ukhale ngokuthakathwa oshayise umuntu ngemoto

"Abaseshi abaya endaweni yesigameko baqalisa uphenyo.”

UMbhele uthi abaseshi bathola ukuthi izinto azishoyo unina wengane ziyashayisana.

"Esebona ukuthi uvalelwe ekhoneni ngamaphoyisa, wagonyuluka. Wavuma ukuthi indodana yakhe wayiklinya, isidumbu sayo wasifaka emgodini wethoyilethe ngemuva kokuxabana nesoka lakhe. Wabe eseboshwa.”

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...