Ubuyela enkantolo osolwa ngokubulala umqashi

2017-01-27 10:00

Johannesburg – Umsizi wasendlini osolwa ngokugwaza abulale umqashi wakhe emzini oseSandton uzovela eNkantolo yeMantshi yaseRandburg ngoLwesihlanu.

UWilma van Tonder, 42, ongowaseLonehill, wabulawa ngo-Okthoba.

Indodana yakhe eneminyaka emihlanu ebudala kukholakala ukuthi yahlala nesidumbu amahora ngaphambi kokuba kufike uyise ekhaya, ngokombiko weNetwerk24.

Ishethi lengane laligcwele igazi.

OLUNYE UDABA: Kugwetshwe umama nendodana ngokushaya ubaba wekhaya

Kuthiwa ingane yabuza owesifazane ongumsolwa ukuthi naye uzombulala yini.

UNorma Mudondo, owayesebenza kulo muzi, waboshwa eFlorida Lake ngemuva kwesehlakalo.

Ubelokhu egcinwe esitokisini kusukela ngoNovemba ngemuva kokunqatshelwa ibheyili.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 16-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 21-30°C Showers early. Decreasing cloudiness. Pleasantly warm.
Dbn: 20-28°C Afternoon clouds. Warm. PE: 16-19°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...