Ubuyela enkantolo osolwa ngokubulala owesifazane eKZN

2018-04-17 12:34

Johannesburg - Owesilisa osolwa ngokubulala owesifazane waKwaZulu-Natal uSiam Lee ubuyela eNkantolo kaMantshi eThekwini ngoLwesibili.

Selokhu agcinwa esitokisini ngesikhathi kuhlehliswa isicelo sebheyili asifaka ngenyanga edlule.

Uphenyo lugxile kakhulu ebhizinisini lakhe lo msolwa oneminyaka negu29 ubudala, onenkampani kadizili, eGoli.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa isikhulu samatekisi

ULee waduka ekuqaleni kukaJanuwari, watholakala ezimobeni eNew Hanover ngokuhamba kwesikhathi.

Inkantolo phambilini yatshelwa ukuthi umseshi ozimele uyena obamba iqhaza elikhulu ekutholakaleni komsolwa.

Ummeli kammangalelwa u-Advocate Martin Krog naye watshela inkantolo ukuthi amaphoyisa, ngesikhathi ebopha ummangalelwa, azama ukumphoqa ukuba avume icala.

Uthi amaphoyisa amesabisa ngesikhathi efika ezombopha.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...