Ubuyela enkantolo osolwa ngokubulala isitabane

2016-12-21 07:59

Cape Town – Owesilisa oneminyaka engu-24 ubudala osolwa ngokubulala oyisitabane waseKhayelitsha kulindeleke avele eNkantolo yesiFunda yaseBlue Downs ngoLwesithathu.

USignice Mdani kulindeleke afake isicelo sebheyili ecaleni lokubulawa kukaNoluvuyo Swelindawo, 22.

Isidumbu sikaSwelindawo satholakala phansi kwebhulohwe eduze naseDriftsands Nature Reserve ngasekuqaleni kwenyanga.

OLUNYE UDABA: Kubanjwe abane ngelokubulawa kwenkosi

Ngesikhathi egcina ukuvela enkantolo, iMantshi uVincent Ketye, yanqaba isicelo soMbuso sokuhlehlisa icala ngoba kukhona ofuna ukukulandelela ngomsolwa.

Umshushisi Nathan Adrianse wathi: "UMbuso udinga ukuthola ukuthi kwenzakalani ngamanye amacala ayethweswe umsolwa phambilini.”

Kodwa ummeli kammangalelwa uSamantha Hendricks wathi uMbuso ubunesikhathi esanele sokwenza lokho.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-17°C Sunny. Mild. Bloem: -1-14°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-16°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-17°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...