Ubuyela enkantolo osolwa ngokubulala isisebenzi sakwa-Eskom

2017-09-18 08:58

Cape Town - UDavid Ngwenya kulindeleke abuyele eNkantolo kaMantshi eSprings ngoMsombuluko ngecala lokubulala isisebenzi sakwa-Eskom uThembisile Yende.

UNgwenya, 43, usolwa ngokujova uYende ngomjovo othile ngaphambi kokuba amshaye ekhanda ngensimbi wabe esemklinya ngemuva kokuhilizisana.

Kusolwa ukuthi lokhu kwenzeka ngemuva kokuba uYende esabise ngokugonyuluka ngokudayiswa kwezintambo zikagesi ezebiwe.

OLUNYE UDABA: Lizokhele ngomlilo lisekhweni iphoyisa laseThekwini

UYende, 29, ongumama wengane eyodwa, wanyamalala ngoMeyi 17. Isidumbu sakhe satholakala ehhovisi elithze lakwa-Eskom ePietersboth eSprings, ngemuva kokuba abasebenzi bezwe iphunga elingelihle.

UNgwenya waboshwa ngoJuni 15.

Wanqatshelwa ibheyili ngoJuni. Kanti ngesikhathi egcina ukuvela enkantolo ngoJulayi 17, icala lahlehliswa ukuze kwenziwe uphenyo olunzulu.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...