Ubuyela enkantolo osolwa ngokubulala isisebenzi sakwa-Eskom

2017-07-17 07:13

Johannesburg – Owesilisa osolwa ngokubulala intombi yakhe eyayisebenza kwa-Eskom, enguThembisile Yende, kulindeleke abuyele eNkantolo kaMantshi eSprings ngoMsombuluko.

UDavid Ngwenya, 43, osebenza kwa-Eskom, usolwa ngokubulala uYende, ngoba emsola ngokuthi uzogonyuluka ngokudayisa kwakhe izintambo ze-copper.

Isidumbu sikamufi satholakala kwelinye lamagumbi abeka izimpahla emahhovisi asePietersboth kulandela ukuba enyamalale ngoMeyi 7.

OLUNYE UDABA: Kushone 16 wabazalwane kugingqika ibhasi 

Umsolwa waboshwa ngoJuni 15.

UNgwenya unqatshelwe ibheyili ngesikhathi egcina ukuvela enkantolo ngoJuni 29 ngemuva kokwehluleka ukugculisa inkantolo ngezizathu zokuthi kungani kumele adedelwe ngebheyili.

Inkantolo yatshelwa nokuthi umufi wabekwa endaweni yesigameko ngendlela ezokwenza kubukeke sengathi wazibulala.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-13°C Mostly sunny. Cool. Pta: 16-29°C Showers early. High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C a few showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 5-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-18°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...