Ubuyela enkantolo osolwa ngokubulala iphoyisa

2017-10-10 11:00

Johannesburg - Indoda ogama layo nguThabang Maleka ilindeleke ukuba ivele eNkantolo yeMantshi yaseBrits namuhla (ngoLwesibili), ngokubandakanyeka esigamekweni sokubulawa kwephoyisa laseNorth West, uConstable Samuel Hlongwane.

Ngomhlaka-2 Okthoba, kwaboshwa indoda eneminyaka engu-24 ubudala, eTemba, eGauteng ngoMsombuluko, ngemuva kokubalekela icala izinyanga ezine.

Okhulumela amaphoyisa aseNorth West uWarrant Officer uMpeile Talane uthe uHlongwane, 35, wayengasebenzi ngesikhathi edutshulwa ebulawa, umngani wakhe wabanjwa inkunzi ephucwa imoto eLetlhabile eduzane naseBrits ngomhlaka-2 Juni.

OLUNYE UDABA:Izigebengu zidubule iphoyisa lalimala kuphangwa

Wayehamba emgwaqeni eLetlhabile ngesikhathi emiswa wumngani wakhe owayehamba ngemoto yohlobo lwe-BMW.

Babesaxoxa ngesikhathi kuqhamuka amadoda amabili angaziwa abakhomba ngezibhamu.

UHlongwane wadutshulwa kodwa wakwazi ukuziphindiselela wadubula indoda eyodwa kulawa.

Umsolwa wesithathu waqhamuka ehamba ngemoto wathatha indoda elimele wayoyishiya emtholampilo waseLetlhabile. Le enye indoda yabaleka ngemoto kamngani kaHlongwane.

UHlongweane wahlonzwa njengoshonile khona endaweni yesigameko.

Osomatekisi namanye amalungu omphakathi alandela imoto eyayiya emtholampilo lapho okusolwa ukuthi yilapho abashaya khona umsolwa owayelimele waze washona.

Amaphoyisa akwazi ukuthola imoto yohlobo lwe-BMW kanjalo nemoto yabasolwa ngomhlaka-3 Juni, eSoshanguve, enyakatho yePitoli.

USuprise Mokoebo, 33, waba ngowokuqala ukuboshelwa ukubandakanyeka kwelokubulawa kwaHlongwane, ubhekene necala lokubulala nokuduna. Waboshwa ngomhlaka-4 Agasti eMabopane enyakatho yePitoli.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...