Ubulewe umphakathi obulale izingane zakhe

2016-08-19 16:07

Nairobi – Umlisa waseNyamira County, eKenya uvukwe ukugula ngekhanda wabulala izingane zakhe ezimbili.

Ngokombiko kweDaily Nation uBugesi Okero ubulale izingane zakhe ebezihlala naye njengoba besekuphele izinyanga eziyisithupha bengasahlali nomkakhe.

Lesi senzo sakhe siholele ekutheni iqilu labantu lihlasele u-Okero.

Funda nalolku daba: Ushonelile ozishise ngomlilo ngoba umyeni wakhe eqonyiwe

Umfowabo ka-Okero, uRichard Tai, uthi utshelwe omakhelwane ukuthi umfowabo ubanjwe yiqulu labantu ebelidiniwe lambulala, lamshisa ngomlilo.

URichard uqhube wathi umfowabo bekungathi useyasangana ekhanda kulezi zinsuku njengoba ecekele phansi nomuzi wabazali babo ngemuva kokushiywa ngumkakhe.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Sunny. Cool. Pta: 6-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-19°C Sunny. Mild. Bloem: -5-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C Sunny. Cool. PE: 10-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...