Ubulewe obingelele owesilisa 'kamnandi'

2017-03-23 07:01

Cape Town - Kugwazwe kwabulawa owesifazane ngenxa 'yokubingelela kamnandi owesilisa'.

UHanlie Smith, 36, ubulawe ngomunye umuntu wesifazane ngeSonto ngemuva kokubungelela umngani eHighlands Crescent, eScottsdene.

UNette Smith, 56, uthe ngeSonto ntambama, owesifazane ongumngani wakhe nabantu besilisa abane babemvakashele kwakhe.

Uthe uHanlie wabingelela enye yala madoda, owesifazane, 27, wacasuka wahlasela indodakazi yakhe.

OLUNYE UDABA: Kugwazwe owesilisa erenki yamatekisi

"Kwaxatshanwa ngoba wahluleka ukuzibamba ngendlela uHanlie abingelela kahle ngayo. Kwaba nesiphithiphithi ngesikhathi sekugwazwa indodakazi yakhe, kwakhona nodubula emoyeni."

"UHanlie ugwazwe emhlabeni washonela khona endlini, amazwi akhe okugcina ubebiza unina," kusho uNetta.

Umsolwa uboshelwe esibhedlela saseKraaifontein ngesikhathi eyolashwa.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain FC van Wyk, uqinisekise isigameko sokubulawa komuntu nokuboshwa komunye.

"Isigameko asihlobene nodlame lwamaqembu ezigebengu. Kuboshwe owesifazane, 27, kanti bekulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseBlue Down numhla (ngoLwesithathu).

 - Daily Voice

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Passing showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain showers. Afternoon clouds. Mild. Bloem: 6-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C More sun than clouds. Mild. PE: 11-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...