Ubulawele isibhamu somsebenzi unogada

2017-03-20 14:01

Cape Town – Kudutshulwe kwabulawa unogada wenkampani edumile yonogada, edutshulelwa isibhamu sakhe.

USiyabulela Sipunzi, 44, obesenzela iSniper Security Solutions ubehlezi emotweni yomsebenzi ngesikhathi ehlaselwa ushayasibhamu obehamba ngezinyawo ngoMgqibelo ekuseni eLansdowne.

Lo shayasibhamu udubule wabulala uSipunzi wathatha isibhamu wabaleka ngemoto yohlobo lwe-Toyota Conquest.

OLUNYE UDABA: Kubulawe unogada kamengameli Zuma

USipunzi waseMakhaza, eKhayelitsha, ungubaba wezingane ezimbili.

USipunzi ubepake endaweni ajwayele ukupaka kuyo eqhuba umsebenzi wakhe ngesikhathi ebulawa.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel André Traut uthe, imbangela yokubulala kube ukuphanga.

"Ngezithuba zabo-09:50 ngoMgqibelo ekuseni, kudutshulwe kwabulawa unogada oneminyaka engu-44 ubudala, waphucwa isibhamu somsebenzi ekhoneni likaRokeby noCamberwell Road, eLandsdowne, ngumsolwa ongaziwa osazoboshwa.

"Imbangela yesigameko kuyaphenywa ngayo."

URidwaan Mathews oyimenenja yeSniper Security Solutions ucela usizo kulabo abebekhona endaweni yesigameko ukuze kuzoboshwa umsolwa.

"Esikwaziyo ukuthi imbangela yokubulala bekuyisibhamu," usho njalo.

 - Daily Voice

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     



- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 14-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-22°C Showers early. More clouds than sun. Mild. PE: 12-20°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...