Ubulawe yisikhali abesiphethe osolwa ngokuzama ukugqekeza

2017-08-22 18:02

Johannesburg - UCarry Guzana, 53, utshele abephephandaba iDaily Sun ukuthi owesilisa ugqekeze emzini wakhe ngezintatha zangeSonto.

Lo wesilisa ubehlome ngocelemba ngesikhathi ezogila lo mkhuba.

"Bengihleli nomyeni wami emjondolo kamakhelwane ngesikhathi umyeni wami ebona into engathi yithoshi egcekeni lethu," kusho uCarry.

Uthi umyeni wakhe uKemish Nkxoyi, 62, wagijima waya emjondolo wabo wafike wathola owesilisa ephethe ucelemba, wamyalela ukuba aphume aphele kuwo.

OLUNYE UDABA:Isigebengu sizidubule "induku" sithi sibamba inkunzi

Ngesikhathi abantu bebuza umsolwa ukuthi wenzani emjondolo womuntu uthe uzwe ngabantu bethi lezi zithandani zidayisa inyama, wase ecabanga ukuzokweba imali.

"Ngizamile ukunqanda amalungu omphakathi esemshaya kodwa ababelokhu emkhahlela emshaya nangamatshe kanti izogwazwa wucelemba wakhe," kuqhubeka uGuzana.

Uthi waya emaphoyiseni eyowabikela ngokwenzekile, afika aphuthumisa umsolwa esibhedlela.

Okhulumela amaphoyisa aseBekkersdal uSergeant Linki Lefakane utshele leli phephandaba ukuthi lo wesilisa ushonele esibhedlela iLeratong Hospital.


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...