Ubulawe ngesihluku obenebala elimhlophe

2017-03-10 14:01

Bizana- Uyibone ngezinzwane indodana yakhe enebala elimhlophe etholwe igqitshwe ethuneni elingashoni eBizana, e-Eastern Cape. 

ULitha Esethu Jakuja waduka eKokstad ngomhlaka-25 Febhuwari nonyaka waze watholwa abafana abelusa izinkomo ngoLwesithathu.

Uyise kamufi uBongani Mtedlala oneminyaka-57 ubudala uthe akubonile uyokuxoxela amagwababa echobana. 

"Kusenzima nokukhuluma ngendlela indodana yami ebulewe ngayo. Ikhanda layo belisusiwe, izandla zombili zingekho nesisu sisikiwe.

"Ngize ngakwazi ukuyibona ngezinzwane onyaweni langakwesobunxele. Uzwane olulandela ubhozo lugibele ozwaneni lwesithathu kanti zonke izingane zami zinezinzwane ezifanayo ezime kanjalo, " kusho uMtedlana. 

OLUNYE UDABA:Izindodla ezama ukuzidima ibala

UMtedlala uthe unamadodana amabili anebala elimhlophe, endala ihlala eGoli.

Umufi utholakale enqunywe ikhanda, izandla, wasikwa nesisu. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Thulani Zwane uthe kuvulwe icala lokubulala. 

Uthe akukaboshwa muntu kodwa amaphoyisa asaphenya, kubika iSolezwe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kudutshulwe kwabulawa iphoyisa eSoweto

Emizuzwini eyi-37 edlule
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 13-28°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-25°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-25°C a few showers. Afternoon clouds. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...