Ubulale umyeni obesekhathele ukubangelwa isicefe ngesoka

2016-09-13 19:31

Johannesburg - Owesifazane waseNingizimu Afrika ubulale umyeni wakhe ngoba ebefuna ukwazi okuningi ngobudlelwano bakhe nesoka.

Udadewabo kamufi, 45 uthe umfowabo ubehlala nonkosikazi wakhe nakuba ebeneshende.

OLUNYE UDABA: Owesifazane ubulale washisa isidumbu somyeni

Lezi zithandani bezikhulisela izingane zazo ndawonye eGoli kanti lo wesifazane wayenokuhamba umyeni wakhe asale yedwa nezingane yena esaye emzini wesoka.

"Babexabana phambi kwezingane. Sasesikhathele ukumtshela ukuthi akayeke ukujola ngaphandle," kusho udadeabo kamufi.

Ngokusho kwamaphoyisa lo wesifazane uzinikele emaphoyiseni wawatshela ukuthi nguye owashaya wabulala umyeni wakhe " ngoba wayelokhu emlandela njalo uma efuna ukuya esokeni lakhe."

Amaphoyisa aya emzini wabo afike athola isidumbu.

Okhulumela amaphoyisa ase-Orange Farm uCaptain Johannes Motsiri uqinisekise ukuboshwa kowesifazane ngelokubulala.

 - wwww

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                



- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 11-27°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 7-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Morning clouds. Warm. PE: 17-31°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...