Ubulale umama wezingane ngenxa yesikhwele

2016-06-06 11:32

Durban - Owesilisa waseNdwendwe udubule wabulala umama wezingane zakhe ngenxa yesikhwele.

Ngokwemibiko yeLANGA lowesilisa waseBhamshela usagcwele amathafa ngemuva kokubulala intombi eyisola ngokujola nomlisa okungeyena wakuleli.

Kuthiwa unina walo msolwa wayekweletise imiqamelo kanti le umama wengane ubeyokhokha leso sikweletu ngesikhathi umsolwa emgijimisa ngesibhamu ecabanga ukuthi uyamjolela.

OLUNYE UDABA:Ziningi izinsizwa ezingayazi intombi-nto

"Uthe ebona umufi emi nalo mlisa wadonsa isibhamu wamjaha waze wambaba wamhudulela kuye lo wokufika. Ushise imoto yalo mlisa ngaphambi kokuba abuze umama wengane ukuthi kungani amenza isilima,"kusho umthombo.

Kuthiwa umsolwa udubule umama wengane maqede wazincoma ngokuthi, "umuntu ojolayo ngimenze nje."

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...