Ubulale i-ex sekusele izinsuku ezimbalwa ishade

2017-12-14 16:01

Durban - Imindeni emibili yasePhoenix isishiye phansi amalungiselelo omshado yaqala amalungiselelo omngcwabo kulandela ukubulawa kukamakoti.

Inkinga iqale ngoLwesihlanu ebusuku ngesikhathi uShiraz Ismail, 25, osebenza njengonogada kwaBlue Security engena emafulethini aseBrigbury Place ezoqulisa uChristine Pillay, 25, osebenza njengojele.

Ngokubika kweDaily News, laba bobabili bahlukana eminyakeni emine eyedlule kodwa u-Ismail ubehluleka ukwamukela lokho.

Le ntokazi yayisiqhubekele phambili nempilo njengoba bekwenziwa amalungiselelo omshado wayo noBradley Moonsamy, obuzoba ngomhlaka-30 kwephezulu.

Le ntokazi ibinabazali bayo ngesikhathi ihlaselwa.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owabulala uyise ngoba engabaliwe emafeni

Umfowabo kamufi uSashen Pillay, uthe u-Ismail ulethwe kubo wunogada walapho abahlala khona kanti lo mndeni usola ukuthi lo mlisa usenesikhathi ecuthela le ntokazi.

Kuthiwa umlayezo wokugcina owathunyelwa yile ntombi kumzala wayo wawuthi, “uShiraz nangu lana.”

Ngokusho kukamfowabo, lo mlisa ubesifihlile isibhamu ngesikhathi efika kuleya ndawo yingakho onogada bengazange basibone.

“Umama uphumele ngaphandle ngoba ecabanga ukuthi unogada uzobavikela. U-Ismail udubule unogada kuqala ngaphambi kokuba adubule umama entanyeni. Ngesikhathi udadewethu ephuma ezohlola isimo, u-Ismail umdubule kabili ngaphambi kokuba azidubule naye,” kusho uSashen.

USashen uthi lo mlisa ubemlandela njalo udadewabo kanti wacasuka kabi ezwa ngamalungiselelo omshado. “Wayemthumela imilayezo emsabisa isonto lonke.”

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 21-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...