BUKA: Ububhudubhudu izigebengu zigebenga onogada isikhwama semali

2017-10-11 18:02

eGoli - Kusanda kuputshuka i-video ebonisa okwenzeke ngesikhathi izigebengu zibamba imoto yemali eKrugersdorp.

Kule video kubonakala umsolwa oyedwa edonsa isikhwama semali ephokophele emotweni abazobaleka ngayo ngesikhathi umshayeli weveni yamali ebaphazamisa ezama ukubashayisa.

Bazamile ukubaleka abasolwa imoto yemali ibajaha.

OLUNYE UDABA:Kulimale unogada kubanjwa inkunzi imoto yemali eThekwini

Ngemuva kwemizuzwana, imoto yemali ibuyile, kodwa futhi nabasolwa babuya bengasadle zinkobe zamuntu.

Umsolwa oyedwa udonse isikhwama semali, abanye bavulela ngenhlamvu ngesikhathi imoto yemali izama ukubashayisa.

Abasolwa bagcine beyithathile imali babaleka.

Buka okwenzekile:

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...