Ubuholi obusha buka-ANC kumele bugxile ekuthuthukiseni umnotho - Gigaba

2017-12-17 10:01

Johannesburg – Ubuholi obungenayo buka-ANC kumele bugxile ekuthuthukiseni umnotho ngokushesha, kusho uNgqongqoshe wezeziMali uMalusi Gigaba.

UGigaba usho lokhu ngesikhathi ethula inkulumo yakhe emcimbini wesidlo sasekuseni kwiProgressive Business Forum kwinkomfa kaKhongolose eqale ngoMgqibelo.

“Esikhathini samanje, umsebenzi obaluleke kakhulu we-ANC njengenhlangano eholayo wukuzuza intuthuku eyengamele wonke umuntu ngakwezomnotho nokuyinto okumele yenzeke ngokukhulu ukusesa,” kusho yena.

OLUNYE UDABA:Azokwenyuka ngo-20% amanani amaqanda ngenxa yomkhuhlane wezinkukhu

UGigaba uluncomile ushintsho olwenzeka kusukela ngo-1994, kodwa leli lizwe lisabhekene nezinkinga ikakhulukazi zokungalingani kwamaholo, wububha kanye nokwentuleka kwemisebenzi okukhubaza kakhulu intsha.

Ezinye zezingqinamba sikwazile ukubhekana nazo ngokungeniswa koMthetho weSondlo somphakathi.

“Lo mthetho ungagcina ususicindezela kakhlu uma kungukuthi ayikho indlela yokudala amathuba omsebenzi ukuze abantu baqasheke bayeke ukuthembala kuhulumeni,” kuqhubeka yena.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-23°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...