Ubuholi bukaKhongolose eKZN bucabanga ukudlulisa isinqumo senkantolo

2017-09-12 12:34

Pietermaritzburg – Isigungu esiphezulu ku-ANC esifundazweni iKwaZulu-Natal sicabanga ukudlulisa isinqumo seNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu esithi imiphumela yenkomfa yango-2015 ibingekho emthethweni.

Leli qembu lingahle libabele eNkantolo yokuDluliswa kwamaCala.

NgoLwesibili ekuseni, iNkantolo eNkulu eMgungundlovu iveze ukuthi imiphumela yenkomfa yango-2015 ayikho emthethweni.

Ngemuva kokuvela kwalesi sinqumo, okhulumela i-ANC kulesi sifundazwe, uMdumiseni Ntuli, uthe abantu kumele bamukele ukuthi yize inkantolo eyodwa ithathe isinqumo esithile, kungenzeka enye ithathe esihlukile.

UNtuli uthi bahanjiswe enkantolo yilabo abebenezikhalazo futhi bengajabule ngemiphumela yenkomfa ngoba becabanga ukuthi inkantolo iyona ndawo elungele ukuxazulula izikhalazo zabo.

OLUNYE UDABA:Inkantolo isichithe 'imiphumela' yengqungquthela yokhetho lwe-ANC eKZN

"Ngokufanayo, kumele banikeze ubuholi bukaKhongolose isikhathi sokuyicubungula le ndaba, ngokulandela imigomo yezepolitiki kanye nemigomo yesinqumo sale nkantolo. Umthetho yiwona ozosilawula ukuthi siludlulisele eSupreme Court of Appeal lolu daba," kusho yena.

UZizi Kodwa, okhulumela uKhongolose kuzwelonke, utshele abeNews24 ukuthi bayamukele imiphumela yenkantolo futhi basazoyihlaziya kahle bese bekhipha isinqumo ngomthelela waso ngokwepolitiki.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...