Ubuhlungu ona-75 okhishwe endlini ayishiyelwa abazali

2017-04-13 11:01

Pietermaritzburg - Owesifazane oneminyaka engu-75 ubudala wase-Ashdown usephenduke undingasithebeni kulandela ukukhishwa emzini awushiyelwa abazali bakhe abangasekho emhlabeni.

Lo wesifazane, uBusisiwe Ntshibe ohlala nomzukulu wakhe oneminyaka engu-37 ubudala, ukhishwe kulo muzi ngoba kuthiwa usudayisiwe.

UNtshiba othi useneminyaka engu-70 ehlala kulo muzi kuthiwa uhlangabezane nezimpahla zakhe ngale kothango ngesikhathi ephuma esitolo.

Lesi salukazi sithi isigameko senzeke ngesikhathi singekho sisaye esitolo kanti sizwe ngomakhelwane waso ositshele ukuthi asiphuthume ekhaya kukhona okuqhubekayo.

UNtshiba uthi ngesikhathi efika, ufice abantu abebehamba namaphoyisa noSheriff sebewugqekezile umuzi bakhiphela impahla ngale kwesango bethi umuzi usudayisiwe angabe esangena.

Lo gogo uthi la bantu sebeneminyaka bemhlukumeza, njengoba baqala ngo-2012, elokhu ehamba inkantolo ezama ukulwela lo muzi kodwa la bantu bengalubhadi enkantolo.

UNtshiba uthe ubuhlungu emoyeni ngoba akazi ukuthi uzoshonaphi futhi akazange atshengiswe namaphepha amkhipha endlini, uvele wakhishwa nje kanjalo.

"Okungiphatha kabi kakhulu ukuthi ngizodayiswa nangabantu bomthetho okuyibona okumele basivikele kodwa banesibindi sokuzongikhiphisa okwenja kithi,” kuqhuba uNtshibe ehlengezela izinyembezi.

Thola udaba oluphelele ku-KZNEYETHU

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C Sunny. Mild. Pta: 6-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-20°C a few showers. Morning clouds. Cool. PE: 9-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...