Ububhudubhudu ezitolo ngezindali zeBlack Friday

2016-11-25 09:27

Johhanesburg – Sesiqalile isiphithiphithi ezitolo ezahlukene ezweni njengoba abathengi bephume ngobuningi babo ukuze bathenge izimpahla ezitholakala ngamanani aphansi kakhulu kunalawo ajwayelekile.

IBlack Friday iwusiko olujwayelekile ezweni iMelika nalapho abanye babathengi bakhona baze balale ngaphandle kwezitolo ukuze bezozititilizela ezimpahleni ezihlukene ezisuke zinendali ngalolu suku.

OLUNYE UDABA: Isitolo sesivumile ukuthi bekuyigundane elitholakale kuphaya

Kodwa-ke manje kubukeka sengathi lo mkhuba usungenise ngamandla naseNingizimu Afrika kulandela isibalo esiphezulu sabantu ababamba iqhaza kuwo ngonyaka owedlule, kanti ngaphezu kwalokho kulindeleke ukuba isibalo sabathengi sinyuke kakhulu kulo nyaka njengoba sanda nesibalo sezitolo ezibamba iqhaza.

Kodwa-ke njengoba abanye babathengi bengazwani nesiphithiphithi, nezitolo ezidayisa online nazo azizibekile phansi.

Izindali ezihambisana nalolu suku zitholaka ngoLwesihlanu kuphela kanti futhi ngokujwayelekile abathengi bayaye bakalelwe isibalo sezinto abavumeleke ukuzithenga, umthengi ngamunye.

IMIFANEKISO:

 

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C High level clouds. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...