Uboshiwe umshayeli oqambe amanga ngokudunwa imoto

2018-02-07 10:59

Cape Town - Ikhalelwe ngamasongo kaSigonyela indoda ngezinsolo zokuqamba amanga ngokudunwa imoto yohlobo lwe-BMW X5 ngeSonto endaweni yaseNyanga.

Le ndoda, 36, ithe idunwe ngesikhathi ime emarobhothini ngezithuba zabo-00:43 kuBorcherds Quarry, eNyanga, ngeSonto.

Ithe ibikele amaphoyisa ukuthi ihlaselwe yindoda engaziwa, yayikhomba ngesibhamu yayiyalela ukuba iphume emotweni.

Le ndoda ithe umsolwa ube eseshaya echitha nemoto, yasala imile.

OLUNYE UDABA:Uvelile umyeni weSekela likaSotswebhu we-ANC 'ngokuqamba amanga'

Ivule icala lokudunwa esiteshini samaphoyisa aseNyanga. Imoto yatholakala ntambama ngalo usuku lwesigameko sokudunwa.

Umseshi wecala waba nezinsolo ngesisulu ngesikhathi esiphosa ngemibuzo.

Kulandela upheyo kutholakale ukuthi umsolwa uqambe amanga ngesigameko.

Kutholwe ukuthi ulimaze imoto yomsebenzi wabe esenquma ukuthi avule icala elingekho.

Amaphoyisa abophe umsolwa ngecala lokuqamba amanga kanti kulindeleke ukuba avele enkantolo maduze.


 - Cape Times

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...