Uboshiwe umfundisi ngamacala okunukubeza ngokocansi

2018-03-17 11:35

Cape Town – Umfundisi wentsha eRondebosch uzohlala amasonto amabili ezitokisini ngemuva kokuboshwa kwakhe okwesibili ezinyangeni eziyisithupha.

Kulokhu, lo mfundisi uboshwelwe amacala okwephula umthetho wezokuxhumana owaziwa nge-Electronic Communications and Transactions Act.

Lo mfundisi oneminyaka engu-27 ubudala uvele phambi kweMantshi yaseBellville ngoLwesihlanu ngemuva kokuboshwa ngoLwesithathu, kusho uLieutenant Colonel André Traut.

OLUNYE UDABA:Uphilisa okwenyamazane umfundisi osolwa ngokuthakatha

Okwamanje igama lakhe ngeke lidalulwe ngoba ubengakalivumi icala.

Icala lakhe lihlehliselwe umhlaka 27 Mashi lapho ezofaka khona isicelo sebheyili.

Umsolwa waboshwa okokuqala ngo-Septhemba 2017 ngokusebenzisa izithombe zabesimame ezingamukelekile kahle enkundleni uWhatsApp no-Instagram ukuheha abafana abangu-40 abasebancane ukuze bazomthumela izithombe zabo benqunu.

Kuthiwa ubesabisa ngokusabalalisa izithombe zabo ezinkundleni zokuxhumana uma beke bazama ukuqeda lobu budlelwane bokuthumelana izithombe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...