Uboshiwe owesimame otholakale ne-nyaope ka-R21 000

2017-03-30 19:31

Laudium - Owesimame oneminyaka engu-27 ubudala ubhekene namacala okushushumbisa izidakamizwa.

Lokhu kulandela ukuthi lo wesimame ebanjwe ne-nyaope yenani lika-R21 000 eyigoqe ngeplasitiki, ngoLwesithathu ebusuku.

Ngokusho kukaConstable Ntsele Chokoe okhulumela amaphoyisa uthe amaphoyisa abesesha abantu endaweni yaseLaudium ngesikhathi elunywa endlebe ngemoto yohlobo lwe-VW Golf okusolakala ukuthi isetshenziselwa ubugebengu.

OLUNYE UDABA:'Umvangeli ubhemise izingane insangu wazidlwengula'

“Amaphoyisa alandele umkhondo wale moto ayithola emgwaqeni uSchurweburg. Bekukhona abantu abathathu ngaphakathi kuyo,” kusho uChokoe.

Uqhubeke wathi ngesikhathi kuseshwa owesimame kutholakale ukuthi ubephethe i-nyaope eyigoqe ngeplasitiki.

Lo wesimame uvulelwe icala lokushushumbisa izidakamizwa esiteshini samaphoyisa eLaudium, kubika iCitizen.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-25°C High level clouds. Mild.
Jhb: 7-21°C High level clouds. Mild. Bloem: 5-25°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...